Azokhushulwa amaphoyisa: Cele


December 7, 2018 7:13 am

UNGQONGQOSHE wamaPhoyisa kuzwelonke, uMnuz Bheki Cele. Isithombe: Armand Hough / African News Agency (ANA)
UNGQONGQOSHE wamaPhoyisa kuzwelonke, uMnuz Bheki Cele uthe umnyango wakhe uzosebenzisa uR2 billion ukuholela amaphoyisa akhushulwe ezikhundleni, eminyakeni emithathu ezayo. Izolo, iPolice and Prisons Civil Rights Union (Popcru) neSouth African Police Union (Sapu) bathe kufanele anconywe uCele ngesenzo sakhe ngoba sekuphele isikhathi eside amaphoyisa engakhushulwa.

Izolo uCele utshele izintatheli ukuthi awu-68 000 amaphoyisa akhushulelwe izikhundla kulo nyaka. Uthe kuzophela uMashi wonyaka ozayo sekukhushulwe amanye awu-28 000.

Uveze ukuthi bazodinga uR2 billion ukuholela amaphoyisa akhushuliwe. UKhomishana wamaphoyisa kuzwelonke uLt-Gen Khehla Sitole uthe amaphoyisa eSpecial Task Force, National Intervention Unit, Tactical Response Team namanye asophikweni oluyisipesheli azofakwa kuma-grade amasha.

Uthe akafuni ukuthi kube namaphoyisa angakhushulelwanga izikhundla eminyakeni ezayo yingakho bewakhuphula manje.

“Sizoyithola imali ngoba kufanele amaphoyisa akhushulwe ezikhundleni. Sizobheka ukuthi singanciphisaphi ngoba asehleli isikhathi eside engakhushulwa amaphoyisa,” kusho uCele.

USitole uthe amaphoyisa azoqala ukukhushulwa ezikhundleni kusukela manje kuze kube wuMashi wonyaka ozayo.

UMengameli wePopcru uMnuz Zizamele Cebekhulu uthe uCele wenze into enhle ngoba maningi amaphoyisa abelinde ukukhushulwa.

Uveze ukuthi amanye asebe sesikhundleni esisodwa iminyaka engaphezu kwengu-11.

ISapu nayo ithe uCele wenze kahle futhi izomseka ngakho konke akudingayo.

Categorised in: